Sthandwa senhliziyo yam, Ngizamile ukukhuluma okuzwiwa inhliziyo - TopicsExpress



          

Sthandwa senhliziyo yam, Ngizamile ukukhuluma okuzwiwa inhliziyo yam, ngaba namalimu Ngazama ukukubhalela incwadi ngikhiphe okulenhliziyo yam, kwaphela u-inki Ngazama ifoni ngifisa ukukutshela okuzwiwa ilenhliziyo elapha kimi, ayina etym kuna lokho iyacisha ngenxa yebhetri Ngizamile ukucula ingoma emnandi esuka kweyam inhliziyo, weee ngiyibhimbi lokuzalwa. Ngizamile ukukubhalela inkondlo yothando, kwabaleka amagama amnandi Ngigcine ngokubhala ukuthi sthandwa sami. Ngizame konke angiphumeleli Angisona neze isahluleki ngivame ukuphumelela, Ngakho ngivumele ngikubeke kwesami isifuba Uzwe ukugidiza kweyam inhliziyo Izisholo yona ekufisayo, izothini? Izothi mina ngiyamthanda lona Ngimthanda ngothando lothando Olumsulwa uthando lweqiniso hayi lwezifiso nezinkanuko. Angeke ngithi angiyilutho ngaphandle kwakho ngoba ungakangithandi bengiwu muntu ebantwini, Kepha ngothando lwakho ngiphelele angidingi angesweli ngolwakho nje uthando wena sthandwa sami Ngiphupha emini bebade Ngikude ngemicabango ngijulile Ngiyathatha ngiyabeka okuhle kodwa Ngithanda ungakhohlwa okuhle kuhambisana nokubi Cha sthandwa angisho ukuthi njengoba umuhle kusho mina ngimub.......... ehhhee Cha sthandwa ngithi ungakhohlwa Akohlezi kukuhle njalo nezikhathi zosizi nendumalo zizofika kepha zidlule. Bamba nasi isandla sam Siyihambe ndawonye lendlela yothando Silingise amajuba Sizohamba sijubalale kuhle okwamajuba emkhathini Bamba uqinise kuze ungaphunyuli nange ngozi ngoba bayeza oKairina beno Airina kodwa bazodlula Mina ngiqhubeke ngithi sthandwa sam nguwe Ebuhleni nase bubini ngohlezi ngingo wakho.
Posted on: Sun, 28 Dec 2014 04:38:47 +0000

Recently Viewed Topics




© 2015