Wayezimisele ukungishada uSenzo - Kelly Khumalo Umculi obuye - TopicsExpress



          

Wayezimisele ukungishada uSenzo - Kelly Khumalo Umculi obuye abe ngumlingi uKelly Khumalo usephumele obala ngokuthi uSenzo Meyiwa wayesezinhlelweni zokwehlukanisa nomkakhe uMandisa Mkhize bese eshada yena ngokubika kweSunday Times. “Angikaze ngithandwe ngale ndlela uSenzo abengithanda ngayo,” uKelly etshela leli phephandaba. “Ubezimisele ukungenzela yonke engiyidiangayo… Inhliziyo yakhe ibihlale ikumina.” &&&&&&&&&&&&&&&&&&&&&& Iqiniso ngomshado kaSenzo noMandisa Johannesburg – Izinsukwana ngaphambi kokuthi kudutshulwe ngesihluku ukaputeni weBafana Bafana uSenzo Meyiwa unkosikazi wakhe uMandisa Mkhize waphumela obala ngokuthi usuphelile umshado wakhe nalo mdlali. Ngokubika kweCity Press uMandisa wazivumela ngokwakhe ukuthi uSenzo obengumdlali we-Orlando Pirates ukhethe umculi uKelly Khumalo futhi usekwamukelile lokho. “Ngiyasihlonipha isinqumo sikaSenzo sokuthi abe noKelly. Asihlukananga kukubi. Unguyise wendodakazi yami futhi akasiyena umuntu omubi,” kusho uMandisa ngomqhafazo kwingxoxo abanayo naleli phephandaba ngesonto eledlule. “Ngimfisela okuhle kodwa……”
Posted on: Sun, 02 Nov 2014 07:13:37 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015