Ibhalwe nguJsttm Mntambo KANTI MINA NGIWAKABANI? Part - TopicsExpress



          

Ibhalwe nguJsttm Mntambo KANTI MINA NGIWAKABANI? Part 1 Impilo ngezinye izikhathi iba nzima ngalendlela yokuthi uze uzibuze ukuthi kanti mina ngowakabani? Kungani ngingaphathwa njengezinye izingane zalaykhaya. Okuhle okwenzayo akubonakali. Koda mawenze okubi kuvele kuthiwe.......besvele sazi vele..... Kube namagama aziswana aqonda kuwe. Uthi uyabheka akukho okubi ngokungako okwenzileyo okwedlula laba abanye koda uphathiswe okomuntu olihlala, ongaziwa. Bese uzbuza ukuba KAZ MINA NGINGOWAKABANI? Nalentokazi yakwaMzobe kwakunzima empilweni yayo kwakunzima kangangokuthi yayize izibuze lombuzo ngezinye izinkathi. Igama lentombi lena kwabe kunguThuleleni. Wayenodadewabo ababili okwabe kunguZaziwe noGugu. UZaziwe wayethandwa kakhulukubo futhi engaconsi phansi kanti noGugu ngokunjalo wayethandwa nje ngaleyondlela engafiki kuZaziwa. OkukaThuleleni kona kwakungachazeki ngoba uyena owayedonsa kanzima nemisebenzi yasekhaya ezama ukuyenza ngendlela kepha wuye owayehlala kanzima lapha kwaMsibi. Izintokazi lezi zazihlala nogogo wazo olalungafakwa lubuya nodaka, umama wabo yena wayesebenza esilungwini ebuya makuphele inyanga. Nakhona wayehlala usuku noma ezimbili bese eyahamba futhi. UThuleleni uyena owayemdala buka ngoba wayesenanesoka. Akuthi ebuya esikoleni, uzihambela nesoka lakhe, kanti kuyambona lokhu okungudadewabo uZuziwe. Kugijime kuqala kuye ekhaya kufike kutshele ugogo wabo ukuthi njengoba udadewabo engabuyile ulibele abafana. Athukuthele agane unwabu ugogo umaJili. Ufika nje uThuleleni uselindelwe ngesibhaxu. Wathi nje eqeda ukukhumula esethi uyagqoka wangena uMajili. Waythela kabili kathathu imvubu washo ngengila uThuleleni. Umshaya nje uMajili akavalile nasemlonyeni ufundisa izingane umkhuba omubi ashaye uban ozophekkelana nawe usalibele abafana aphinde aze aphindelele. Kugcine sekusho ukuthi phela usemdala uMajili lo, kuvuke iphika amyeke. Khona manjalo athi makathathe isipakupaku ayokukha amanzi ezopheka ukudla kwantambama, engadlile futhi efuthelwa. Kwathi okuwuGugu nakumbona nakho kwathatha esakho. Phela uGugu wayengafuni ngodadewabo omdala futhi bezwana. Wayehlale emduduza ngokuthi izinto zizolunga masebekhulile sebezisebenzela. Koda wayengaboni kanjalo uThuleleni ngoba yayisineskhathi eside lento yokungaphatheki kahle yenzeka. Bathe bebuya kuyokha amanzi basizana bobabili ngokwenza isidlo sakusihlwa. UZaziwe wayelokhu emamatheka mayengena lapha ekhishini ngoba phela yayenzekile intando yakhe. Kwadliwa kwase kuyalalwa. Yaqhubeka impilo noma yayinzima ngakuThuleleni buka nje ngoba kwathi ethi ufuna ukuziphindiselela kudadewabo nggokuthi naye amcebe kugogo wabo kwanhlanga zimuka nomoya. Phela wayengasiyo ingane uZaziwe ngoba naye wayeseqomile, koda ugogo wayengayngeni nje mayethi uyamtshela uThuleleni. Kunalokhoo avele athi akasezukuhamba namfana nje omunye umntwana, usuzothi umqomile? Hambokhamanzi wena uyeke ukungifekethela la aw wayevele azisole nanokuthi uephashiswa yin uThuleleni. Wayengasathi vu noma ebengekho ebsuku uZuziwe ngoba azi ukuthi kuzovele kube wuye umntomubi. Akuthi langa limbe kuhleziwe nje endlini kukhona nomama wabo bese uThuleleni ecela kunina ukuba esikoleni kuthiwe bazoyodlala, manje ucela imali yokukhokha nokudla. hha usufuna imali yokuyongcebeleka? Laykhaya kuzodliwani masekukhona imali ephuma nje mahhala? Kahle wena. Ngeke ufe mawngayanga ugogo uMaJili loyo. cha mama ngzokuthenga nokudla, ikhona imadlana ekhona angahamba umntwana iheeeee ntombi kaJili, wuwe wena Xoli owenza lengane ibe nje esho ndodakazini yakhe uMaJili. sengenzeni mina manje gogo ngoba ngyacela uThuleleni lowo. thula wena!!! Skhohlakali ndini. Ungacabangi ukuthi ngingabafana laba olala nabo uMaJili lowo. aw kodwa mama, musukukhuluma kanje enganeni ingane le umfaz omdala ocashe eskoleni engabe uyosebenza Avele aphume uThuleleni, ayohlala phandle ngoba engafuni ukuthi aze aphendule ugogo wakhe futhi. Esezohamba umama wezingane aye emsebenzin ashiye kugogo imali athi akabonika uThuleleni. Wavuka umhawu eqhalaqhaleni eliwuZuziwe.Akazange amazise ugogo uThuleleni ukuba unina wayeshiye imali.................. Iyaqhubeka kusasa ngo 12:30
Posted on: Wed, 30 Jul 2014 10:30:03 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015