#Johannesburg - UJose Mourinho umile kwelokuthi iqembu lakhe - TopicsExpress



          

#Johannesburg - UJose Mourinho umile kwelokuthi iqembu lakhe alenzanga iphutha ngokudedela lowo owayengumdlali weChelsea uFrank Lampard. ULampard, okumanje udlalela iManchester City njengoba leli qembu limboleke eqenjini elidlala kwi-MLS, iNew York City, wahlala iminyaka engu-13 eStamford Bridge ngaphambi kokuba alishiye leli qembu laseLondon ekupheleni kwesizini edlule. Lo mdlali oneminyaka engu-36 ubudala usewasize kakhulu amaCitizens kule sizini, njengoba ebenesandla emagolini amane, yena washaya ayisithupha emidlalweni engu-14, kodwa inkontileka yakhe naleli qembu iyaphela ngoJanuwari njengokwesivumelwano sokubolekiswa kwakhe. Noma lo mdlali enza kahle kangaka, umqeqeshi weChelsea uthi iqembu alizisoli nakancane ngemuva kokungaphumeleli kwemizamo yokuvuselela inkontileka yalo mdlali, kubika iKickOff . Impilo yakhe, ayihlangene nakancane nathi,” kusho uMourinho. Washiya iChelsea wakhetha impilo yakhe, angeke sikhale ngalokho, ibhola linjalo nje,” kusho lo mqeqeshi.
Posted on: Tue, 16 Dec 2014 03:27:27 +0000

Trending Topics



e="min-height:30px;">
Just so no body misunderstands me, I dont like being right,
8 Nov More almal, haal dit darem nog id oggend? Sang is deesdae
- ประกาศ ปิดปรับปรุงร้าน

Recently Viewed Topics




© 2015