UMathayi wayenguthisha. Waxoshwa-ke ngenxa yokuthi uma esehalela - TopicsExpress



          

UMathayi wayenguthisha. Waxoshwa-ke ngenxa yokuthi uma esehalela ukushaya izingane wayengayesweli into ayezoyisho. UMathayi wabuza ekilasini ayelifundisa: Class, ungayifaka kanjani indlulamithi efrijini? Izingane zathi:Ngeke ukwazi ukuyifaka. Ezinye zathi: Ungayiqoba bese uyifaka efrijini. Athi uMathayi: Wrong! Ungavula ifriji, ufake indlulamithi bese uvala ifriji. Wazishaya zonke izingane. Emva kwalokho wathi uMathayi: Class, ungayifaka kanjani indlovu efrijini. Ziphendule zonke kanyekanye izingane: Ungavula ifriji, ufake indlovu, uvale ifriji. Athi uMathayi: Wrong! Ungavula ifriji, ukhiphe indlulamithi, ufake indlovu, bese uvala ifriji. Wazishaya futhi izingane. Wathi uMathayi: Class, niyayazi i-movie i-The Lion King? Zivume izingane. Athi uMathayi: Kwimbizo yezilwane kwi-The Lion King, kwaya zonke izilwane, ngaphandle kwesilwane esisodwa. Yisiphi isilwane esingayanga? Zaphendula izingane: Yibhubesi eliwumalume kaSimba. Athi uMathayi: Wrong! Yile ndlovu eniyivalele efrijini. Wazishaya futhi izingane. Uthe esuka lapho uMathayi wathi: Asike sithi uyahamba. Ufika endaweni enomfula. Umfula uhlala ugcwele izingwenya, ungawela kanjani? Izingane zithi: Ngeke kuweleke. Athi uMathayi: Wrong! Ungawela kahle nje ngoba izingwenya ziye kwimbizo ye-The Lion King. Izingane zaphuma izinqa zibomvu
Posted on: Wed, 04 Sep 2013 08:43:01 +0000

Trending Topics



sts: 21st Jeunesses International FLUTE Competition
Chorus was also released as a limited-edition CD in special

Recently Viewed Topics




© 2015