Hey People of Great Power. Hope Nivuke kahle bantwana - TopicsExpress



          

Hey People of Great Power. Hope Nivuke kahle bantwana basekhaya. Ngithi namhlanje kuwe ungawathathi kancane amandla omkhuleko okukanye umthandazo wakho uyazwakala kukhona izindawo ozinyakazisayo, kukhona izindonga ezidilikayo. Umthandazo wakho uke wamvusa umuntu ogulayo, zike zasulwa izinyembezi zabanye ngenxa yomthandazo wakho. Ngikholwa ukuthi umuntu nomuntu unengelosi yakhe enyakazisa izinto. when you feel down kodwa ungayeki ukuthandaza. Lomthandazo sinqoba ngawo siphumelela ngawo. Zisuliwe izinyembezi ngalomthandazo, nanamhlanje bakhona abasulwayo abanye basulwe izolo. Nawe uqobo zosulwa ezakho noma kunje namhlanje, kodwa kusasa kobe kuhluke kakhulu kunanamhlanje. #power of prayer
Posted on: Mon, 07 Jul 2014 04:59:51 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015