Insert 30 Sihambile saya emshadweni sinoSiya! Besigqoke kahle - TopicsExpress



          

Insert 30 Sihambile saya emshadweni sinoSiya! Besigqoke kahle sifaniselele ngemibala. Wawungafunga ukuthi icouple eshadile. Safika emshadweni bekukhona uSipho, ubehamba nomunye nje usisi engingamazi. For some strange reason I felt jealous! Ubebukeka engajabulile kodwa and emzimbeni ubengajabulisi . Bengimdabukela ngempilo yakhe engahambi kahle. Phela uSipho ubelungile futhi engababukeli phansi abantu ngoba nakhu yena efundile futhi enemali. Siya: umbonile uSipho. Mina: yebo ngimbonile and bengithi ngisazombingelela. Siya: uzoze umbingelele wena, yena akasiboni yini? Mina: siya kahle ukuba njalo. Yazi I should be grateful kuSipho for the scholarship. Ngaphandle kwakhe ngabe angifundi. Siya: bengizokufundisa nje. Mina: kahle sthandwa, you know what I meant Siya: ok! Go ahead and greet him. Mina: ngabe iskhwele yini esikhulumayo? Siya: anginaso isikhwele Mina: ukube awunaso ngabe awunankinga Siya: anginayo inkinga. Ngasukuma ngaya kuSipho. Mina: hey sipho unjani Sipho: hey Nosipho ngiyaphila! Awusaziwa. Mina: ngikhona mfethu kodwa konke kuhamba kahle? Sipho: yes kuhamba kahle, wena awubuzwa uyabonakala nje! Mina: ngiyabonga ke ukuthi ngiyabonakala. Sipho: kuhamba kahle esikoleni? Mina: yes kuhamba, but the drawing part and the calculations iyangibulala. Sipho: uzojwayela sisi, ungacela usizo uma unenkinga. Mina: ok I will. Sipho: istipend wasithola? Mina: ja, and iyangisiza leyomali ngivele ngiyithumele ekhaya. Sipho: kuhle ke uma iwusizo! Mina: ok ngisabuyela kuSiya. Sipho: kulungile it was nice seeing you again Mina: likewise Ngahamba ngabuyela kuSiya. Waphela umshado sahamba saya endlini. Sageza salala. we woke up the next morning saya emall to buy groceries. Sabuyela endlini and we spend the whole sunday together watching movies on tv. Ntambama wangibuyisela esikoleni. On monday he phoned! Mina: hey babe Siya: unjani love Mina: ngiyaphila love Siya: love bengifuna ukukwazisa ukuthi I will be flying to cape town today for umsebenzi, Im afraid ngeke ngikwazi nokukubona before I go. Mina: kulungile love umsebenzi ubalulekile. Siya: kodwa love ngizoze ngibuye Thursday. Mina: isikhathi eside kangaka. Siya: iconference izothatha 3 days, my love. Mina: ngizokukhumbula Siya: nami ngizokukhumbula. Ngizokufonela njalo. I will also deposit you some money before I go. Mina: isasekhona love imali dont worry Siya: are you sure babes Mina: yes Im sure. Siya: ok please send me you pic, engizosibuka before ngilale. Mina: will do! Nawe usisende Siya: alright I love you uziphathe kahle. Mina: its only 3 day 2 nights love! Sengingenzani! Siya: bengisho nje Mina: ok bye Siya: bye. Uthe eqeda ukuvalelisa nje uSiya kwabe kufona uSipho. Mina: helo Sipho Sipho: unjani maMthembu Mina: ngiyaphila wena unjani. Sipho: angiphili Mina: haai bo unani sipho? Sipho: uwena Nosipho Mina: ngenzeni? Sipho: awuphumi emqondweni wami nosipho Mina: kahle Sipho, kuqhamuka kuphi konke lokhu? Sipho: ngicela ungiphe ithuba ngikhulume nawe nosipho. Uma ngike ngakubona kuqala phansi Mina: sipho uyazi nje kwenzakalani ngami. Sipho: yes I know kodwa... Mina: kodwa ini Sipho, uzongixabanisa noSiya. Sipho: ngicela ukukubona noSipho. Mina: kuzoshintsha ini ukungibona? Sipho: noma kungeke kushintshe lutho kodwa ngiyadinga ukuthi ngikhulume nawe face to face. Mina: angibonu kuyi good idea lokho. Sipho: ngizokhuluma nawe 10 minutes Mina: ok, Sipho: ngingafika ngizokubona lapho? Mina: yes its fine Sipho: ngiyabonga! Ngaya emaclassini ngasheshe ngaqeda. Ngabo 1pm ngase ngiqedile. Ngabuyela endlini. Ngafica uWandi ehleli. Mina: hey wandi Wandi: unjani mamKhoza Mina: ihhe, ngiyaphila. Wandi: Siphoh ade ngicabanga and I know I was wrong and I owe you an apology. Mina: mayelana. Wandi: the other day mfethu you were right and ngakhuluma kabi nawe. Ngiyaxolisa ngeke kuphinde kwenzeke. Ngikhulumile nosthe and he promised ukuthi he wont interfere with my school work. Mina: ok kuhle ke uma ekuhloniphile. Do you guys use a condom Wandi: yes we do! Mina: kulungile ke sisi! Wandi: I love u friend! Mina: love you too! Sahamba sayokwenza iwashing yethu sinoWandi, phela iweekend yonke bengingekho. UWandi spent the whole weekend partying benoSthe. Saqeda ukuwasha sayo cleaner endlini and we changed our beddings. Sahamba senza igrocery, sabuya late. We packed everything away. My phone rang! Bekuwu Sipho.
Posted on: Mon, 29 Sep 2014 04:53:33 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015