Namhlanje ngidlule kwiATM kunemadlana ebengiyifuna. Uma ngifika - TopicsExpress



          

Namhlanje ngidlule kwiATM kunemadlana ebengiyifuna. Uma ngifika kuyo okokuqala uthi, Please insert your card. Nempela ngilifakile. Uphindile wathi please enter your pin code, nalokho, waphinda wathi select the amount, ngakwenza nalokho. Kuthe uma sengikwenzile konke lokhu wase ungivezela amagama amakhulu athi : THE TRANSACTION IS BEING PROCESSED, PLEASE WAIT Ngivumele ekuseni ngithi kuwe, usukwenze konke, wazila ukudla, wakhuleka kodwa ubona sengathi akwenzeki lutho empilweni yakho. Ngithi kuwe mana ungasuki, ngoba isicelo sakho sisalungiswa, Linda. Into engenze ngalinda ukuthi ikhadi lami bese liphakathi emshinini, nePin code sengiyifakile. Uma bengidikila ngihamba ongilandelayo ubezothola izinto zami. Hhayi ngoba umthandazo wakho ungezwakali, hhayi ngoba ukuzila kwakho kungezwakali, hhayi nhoba ukunikela kwakho kungabonakali But ukuthi nje , YOUR TRANSACTION IS BEING PROCESSED wena okwakho ukulinda. Musa ukusola, musa ukubona sengathi wena wadalelwa ukuhlupheka wait patiently because your prayers are being processed. Ungasuki eNkosini linda kuze kulunge. Ngiyazi sekunzima, akusemnandi kodwa uma sekubuya izinto zakho uzobe usuhleka wedwa. YOUR TRANSACTION IS BEING PROCESSED, PLEASE WAIT ! Kuwe kukhulu okusengenzeka, basheshe bakudela, bakulahla kanti basazokudinga INKOSI INIBUSISE Zihlobo Zam
Posted on: Fri, 02 Jan 2015 20:36:40 +0000

Trending Topics



Mike, whats

Recently Viewed Topics




© 2015