Nompumelelo Successful Mjoli EKUJULENI KWENHLIZIYO YAMI Jobe Ka - TopicsExpress



          

Nompumelelo Successful Mjoli EKUJULENI KWENHLIZIYO YAMI Jobe Ka Myeza 4 ever! Uyathandwa ileyami inhliziyo. Lowo kwakungu Sphokazi ebhala ezincwadini zakhe zesikole. Isemathandweni nansi ingane yabantu bo. Pho-ke uthando kaluboni kanti futhi alikhethi muntu liyazakhela umuntu walo. Wena ungubanike wakabani uzophikisana nalo? Kona ungaphumelela nje ukulwa nalo? USphokazi wenza ibanga leshumi eskoleni sase Mlazi esibizwa ngeSwelihle high school. Ihlakaniphile ihlakaniphile nayi inyokazi encane. Umbona esebhala nje ubhorekile ujulile nangemicabango lokhu sekumenze wahlala yedwa waqhela kubanye abafundi abahleli baba yiqoqwana. Akafuni ukuphazanyiswa uma esecabanga isoka lakhe. Kwazise phea uyazifela ngaye,angafa nokufa uma ungamthathela lona. Uyaye athi elami ngelami ngedwa uma abanye bethi ngowethu sonke. Akukho ndoda yamuntu eyedwa la. Uvele abhoke ngolaka athi oyothinta eyami uyowukhomba onotshwala. "Aybo! Ntombi wajua kangaka kwenzenjani?" Kubuza uZama umngani wakhe. Akulutho nje mngani, ngizikhumbulele uSenzo nje into engatheni. ISH DADE bo wena usemathandweni. Kuyacaca useyakusanganisa lo Senzo wakho MNC! Aybo Zama yindaba wakhuluma kanjena nje? Phela mina ngyamthanda uSenzo. Ikiphi vele inkinga yakho? Ayke mame anginanxa nothando lwakho, inkinga nj ngicasulwa ukuthi amehlo lawa akaboni wenziwa isilima nje ubhekile. Bakudla izithende ulibe ubanga umsindo la ukifiza. Ngyamthanda ngyamthanda kifi kifi mxm. AY SUKA. Amshiye esbambe ongezansi uSphokazi, phela akakholwa ukuthi umngan wakhe lo okhuluma kanje kuye. Kubo bonke abantu uZAMA ongamdlela umona aze ahubhuze aluhlaza ngesthandwa sakhe. Noma ngabe uthini uZama ngyazi akekho oyoke angithathele uSenzo ingani iskole sonke siyazi ungowami.Kona uyobe emunikwa ngubani?HE BELONGS TO ME AND ONLY ME.Ngizishaya isifuba nje ngaye ngoba ngyazi uMondise wami kasoze angicekelele phansi.UZama nje udliwa ngumona ngoba naku leli sokana lakhe limalile ngoba selithole abangcono. Sphokazi wena!!!Yewena dammat!Woza la! *lowo kwakungu MaNdlovu umama kaSiphokazi udinwe ugane unwabu.Nakhu esembiza ngesankahlu*Aw kodwa mama sengenzeni sengingaze ngibizwe kabuhlungu kanje?Wenzeni?Uthi wenzeni?Uyazizwa wena sonakali ukuthi uthini?Aw yobe Boya benyathi bengoneni kangaka ngize ngibizwe ngamagama? Wenzeni heeh imihlola ka MaNdlovu le.Yini le?emphonsela incwadi ebhalwe uJobe ka Myeza.Useyashunqa uMaNdlovu akathinteki.Ashawe nguvalo aqhaqhazele ezwe isifuthufuthu,imambana le ibisikhohliwe ukuthi umama uyaye abheke izincwadi njalo ngolwesihlanu ukuze abone iqhuba kanjani ezifundweni. Mama eh..mama ngiyaxolisa akusikho lokhu okucabangayo,akusiko loku okubonayo.Ngicabangani ke?wena suwazi imicabango yami?Sengiyimfama kangiboni? Isho ke sihlakaniphi ngicabangani?Ngyaxolisa mama bengingaqondile.Bengithi ngiya....lwabe selingenile ipani ekhanda...Yobe mama...*evika*Yobe wokubuka?Ngikukhulisa kanzima ngyakufundisa ungenayihlo kanti ngikuthuma ukuba uyobona amadosada hheeh?Iyona mfundo eniyithola eskolen le? *akamile uthela uphini ngapha*lusho ezithweni ngathi uthi ngfuna ikubone lendoda yakho kwazize isitebutebu sentombi emhlophe.Akasagxumi wena wabona izingane zidlala umagalobha.Akaphenduli nje udle ngokuzivikela ebusweni ayikhali nokukhala imakwabo.Ngifuna usule lento ebhalwe la ksasa lokho wale leli sokana lakho.Uyangizwa ngithini kuwe? Yebo mama kodwa angeke ngikwazi ukumala uSenzo.Ngyahlolelwa yini?Ithini lengane?AW kodwa Smakade umkhulise unondindwa ubuye uzokuphendula mxm*usho usebovu ujuluke umanzi*Mama ngyamthanda uyikho konke kumina sengingafa uma kufanele kodwa angeke ngihlukane naye ngyaxolisa.Wadumala uMaNdlovu uma ezwa amazwi aphuma kwindodakazi yakhe ayifundise ngokukhandleka esokola yedwa.Wageza izandla.Lalelake Sipho uma ubona kunjalo mtanami ngingezwa lutho ngaye.Ngyajabha ukuba sengiyalibeka ulibeke sinqakisane ngamazwi endlini yami. Wazivalela endlini uMaNdlovu ubusuku bonke wabonga nokudla.Wayengafuni lutho alenzelwa ngu Siphokazi ngalolo suku.Inhliziyo ibuhlungu,edumele.USiphokazi ngale uhlezi ocingweni ubalisela uSenzo ngokumehlekele.Ngyaxolisa Kazi uze ushawe ngenxa yami ushawela mina sthandwa,kwakungu Senzo lowo.Akuluthe Jobe wami ngijeziselwa ithando enginalo ngawe nomuntu engimthandayo.Mina ngingafa nokufa ngifela wena.Umama useyoxola angeke ngihlukane nawe,phela wena ungubambo lwami.Ungu Adam mina ngingu Eva,uRomeo wami.Makusho wena-ke MaMyeza omuhle ngyabonga.Ngyathemba usazofika kusasa njenge sethembiso sakho.Bathembisane bavalelisane. Iyaqhubeka
Posted on: Sun, 28 Jul 2013 09:02:05 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015