Sihlaziya incwadi ka Sean Covey ethi, “The 7 habits of highly - TopicsExpress



          

Sihlaziya incwadi ka Sean Covey ethi, “The 7 habits of highly effective teenagers.” Ukuba i-teenager kuyajabulisa kodwa kuhamba nezinselelo nokukhathazeka. Kusukela ekulungisela ozokugqoka kwi party kuya ekubhekaneni nomngani uphuza kakhulu, kubukeka kuyinselelo, kodwa usizo selukhona kusho uSean Covey. Ukhuluma ngani umbhali? ngempilo yentsha yanamuhla, engasasho ukuyodlala kodwa ibhekane nezinselelo ngokuhlomisa abazali ngendlela okumele bakhulise banakekele ngayo izingane zabo ukuze zikhule kahle ngendlela i-teenager eliqonda ngayo impilo abazali abangakhulumi ulimi olumbaxambili (bakhulume into eyodwa) ngokuthi abangani bafika bedlule, okusalayo imiphumela yezinto obuzenza nabo ophila nayo impilo yakho oyonke intsha ibhekene nezidakamizwa kodwa ikhona indlela yokuzinqoba ngokuthi ama teenagers kumele afundiswe ngezocansi ifundisa intsha ngendlela elungile yokudla nokunakekela umzimba isifundisa ukuthi asiwulalele umzimba uma ukhuluma ngohlobo lokudla ongaludingi Iqondiswe kobani le ncwadi Kuma teenagers-ukuwahlomisa ngempilo nangokuziphatha Kubazali-indlela yokukhulisa umuntu olindele ukubheka ukuthi umhlaba unjani (explore) Kubangani-ababa neqhaza ezimpilweni zabanye nokuthi kumele ubabeke kuphi empilweni Iliphi ikhambi umbhali eza nalo ukukhulisa i-teenager Yiba ingxenye yempilo yayo Ifundise ukuthi abangani abangabi i-centre yempilo yabo Ikuthi izidakamizwa azikhokheli Oziqalayo (izidakamizwa)azi ukuthi ugandaya ikusasa lakhe Uthi abazali abazi kabanzi ngezinto ezilinga intsha njengezidakamizwa nocansi Intsha ayifunde ukunyakazisa umzimba (exercise) Imaphi lama habits akhuluma ngawo Be proactive- qhuba inqola yakho (be the driver of your life) ungabi umgibeli -isiqalo sempumelelo lesi-angeke usole omunye umuntu ngemiphumela yempilo yakho -yiba in charge ngempilo yakho -khetha i-attitude eyiyo nabantu bazokuphatha ngayo -ungaziphuci amandla okuthatha izinqumo Think win-win:-inkolelo yokuthi wonke umuntu angaphumelela -ukuphumelela kuhambisana nobumnandi nokusebenza kanzima -ayisho ukunyathela amakhona abanye abantu futhi okungasho ukuvuka bakunyathele -ayisho ukuthi ubani ongcono kunomunye kodwa ukuthi sonke siphumelele Put first things first-funda ukuhlela izinto zakho -ungabeki umsebenzi okumele uwenze manje uwenza ngemuva kwezinsuku ezintathu-kuzokulimaza -funda ukuhlela isikhathi ungazitholi usungasalali ngoba umsebenzi usukuhleli emahlombe Angabantu abanjani ama teenager Abazwelayo uma bebheka imizimba yabo Uma emkhulu uba namahloni, nabanye bamenze inhlekisa Abanye bathatheka kalula (uma umoya ubheka le nabo bayalandela) Abanye bakholelwa ekwenzeni amaphutha kuqala ngoba bethi ayabakhulisa Abanye bathanda kakhulu abangani bagcine sebephila ngemizwa yabo Kwi teenager eselehlule, ingabe ikhona into esengenzeka • Ukubuyela esikoleni • Ukuthola usizo kubeluleki kwimitholampilo eluleka abakhahlamezwe izidakamizwa • Ukukhalima usephume endleleni ngokumnika uthando Isifundo esilkhona kubantu abasha uma benza kahle kuzobaholela enjabulweni, uma bezingezinhle unembeza uyohlale ukudla ziphathe kahle empilweni ngale kwalokho uyophila impilo yokulungisa amaphutha yiba proactive kukwenza ukwazi ukubhekana nezinselelo uyilokhu okudlayo- lalela umzimba gcina ithemba onalo liphila, uzogudluza izintaba ukufunda kuyawondla umqondo, umzimba nomphefumulo ngaphaambi kokuzibandakanya ngocansi, funda ngemiphumela evelayo, yezifo, nokukhulelwa
Posted on: Thu, 25 Sep 2014 05:30:34 +0000

Recently Viewed Topics




© 2015