UMbhali Balance T S Ntetha . ELOKUFA ALITSHELI Part - TopicsExpress



          

UMbhali Balance T S Ntetha . ELOKUFA ALITSHELI Part 21 UDumazile athule engathi akezwa ukuthi ubaba wakhe uthini lapha emnyango. “We Dumazile mntanami awungichazele mina nkosazane yami kwenzekeni njengoba ugcine usukodokotela ”ebuza uBiyela elindele impendulo evela endodakazini yakhe. UDumazile “awu ! Yaqalake inkathazo ubaba ngizomchazela ngithini phela uzombhubhisa umama ngenduku mayengezwa ukuthi bese inkosi ifuna ukungenza unkosikazi ”uDumazile ecabanga eyaluza engazi kumele aqale athini. UBiyela asukume ethatha amagxathu eza ngasekhishini “awu ayizwani lengane ukuthi ngikhuluma nayo. UDumazile “awuthi ngivele ngizilalise lapha phambu kweziko ecansini ”esho ezilahla ecansini uDumazile afike uBiyela ame emnyango athi uyabheka “awu !Mangobese ilele lengane lapha uthi awashi nje lamabhodwe ”esho ejika uBiyela ehla ebheka ngasendlini yakhe “cha nisazongichazela ukuthi kwenzekeni ”esho eyongena endlini yakhe ubaba ka Dumazile. UMangobese asukume angene ekhishini “Dumazile ulele ngampela yini noma uthiphile ”ethi mayesho njalo umama kaDumazile avuke uDumazile “cha mama angazi mina ngizoyiqala ngithini kubaba lento njengoba ethi angichaze ”esho uDumazile eghubeka egoqoza ibhodwe. UMthwalo beno Bheki bavele bagibela imoto nezimbuzi ezintathu. Bacela ukuthi uMhlongo abahambise lena emhlathuze nalezimbuzi kwaXulu enduneni okuyizimbuzi abazihlawuliswa inkosi. “Njomane ngiyacabanga lomuzi wakwaXulu esize kuwona iloyana ongaphesheya komfula. ”Ekhomba uBheki nebala bawele uMhlongo abaphelezele beziqhuba lezimbuzi ezintathu. Bawele umfula beyonyukela kwaXulu enduneni. UXulu usebabonile “awu! Kungenzela laba bantu abenyuka esangweni ilaba bakwaGumede abadliwa inkosi? ”ezibuza uXulu eyaluza egcekeni. “Awu pho zantathu kanti inkosi yathi ayibe yodwa nemali ”esho esondela ngasesangweni efuna ukubabona kahle. “Ayi ngathi ibona impela ngizoke ngizwe ”athi uXulu esazibuza eziphendula “baba Xulu siyakhuleka Makhathini ”besho bengena egcekeni “awu madoda ngenani wozani ngapha ngizwe ezakwabani insizwa. ”Ethi esababukisisa ababone laba ababili abangemuba adidwe uMhlongo “awu madoda sengiyanibona lokhu ngizibuza ukuthi obani laba abadonsayo esangweni. Kanti inina ”uXulu esho ebuka izimbuzi ezintathu. UBheki aqale udaba “impela Donda sithunywe ubaba silethe nakhu okokushweleza lapha. Kuwena uthena amandla esente akanawo kuncono avele enze kube yimbuzi nakuwena. ”Esho uBheki ekhomba imbuzi ephethwe uMthwalo “awu ! Ningibongele madoda kuGumede phona lena eyani ”esbuza uXulu. “Lena uthena ubaba ucela uyomuxolisela ngayo kubaba wakwaBiyela bese lena enye eyenkosini ”kuchaza uBheki nebala azikhunge esibayeni uXulu “ayi hlalani lapha emthunzini madoda. Nebala bahlale abize ingane uXulu zibuye nokokuqeda ukoma kwazise emakhaya kuhlala kuthengiwe. UXulu “cha madoda ngoba akukude kwaBiyela nizongikhapha sihambise lembuzi ningangizwa kabi senogudla ngaphesheya mase sibuya ngiyacabanga nihamba ngaleya moto ”esho ekhomba uXulu. UBheki abuze uMhlongo ukuthi uthini yena. Nebala avume uMhlongo. “Ayi baba asihambe khona manje ngoba mina ngiyaphuthuma ”kubeka uMhlongo umnikazi wemoto. Nebala bahambe nembuzi beyiqhuba baze bayowela uMhlathuze banyukele kwaBiyela. UBiyela uhleli emthunzini wendlu yakhe nelanga seliqala ukushisa. Athi uyabheka uBiyela esangweni abone uXulu nabafana abakhulile abathathu. UXulu “awu Menziwa siyakhuleka baba ”ekhuleka uXulu qede ekhumule isigqoko. Asukume uBiyela ababuke athole ukuthi akabazi labafana abahamba noXulu ehle eye ngakubona esangweni “awu Xulu usungihlasele nebandla lakho nisho phela manizolwa ”esho uBiyela ephulula isisu sakhe. “Ayi MeNziwa akunjalo ngithunywe uGumede ubaba walabafana uthi angilethe nansi imbuzi uyashweleza ukuthi abafana bathwala ingane yakho. ”Esho ekhotheme uXulu. UBiyela ebabukisisa labafana “okheyi Xulu khuleka imbuzi lapho ningene laphana endlini ”esho ekhomba endlini yakhe uBiyela nebala. Bayikhuleke imbuzi bangene endlini. UBiyela angene ahlale ngasemnyango esigqikini sakhe “awu madoda nisukaphi nalembuzi ”kubuza uBiyela. “Baba sisuka lena emaZulu ”kuphendula uMthwalo exwayile. Angabe esabuza lutho uBiyela asukume avele emnyango “Dumazile. Dumazile ”uBiyela ememeza ingane yakhe uDumazile nebala aphume egijima uDumazile eya kubaba wakhe. “Ngena ntombi uguqe lapha phambu kwami ”nebala angene aguqe uDumazile. “Ngabe bakhona yini mntanami kulaba laba abakuthwalayo bakuqhuba njengembuzi bahamba nawe ”esho ekhomba lezinsizwa ezihamba noXulu uBiyela. “Yebo baba bakhona iloyana naloyana ogqoke amadansane ”ebakhoma uDumazile ekhomba uMthwalo no Bheki “awu nina bafana niyamazi uBiyela ” Aqale abakaze ubala uMthwalo uyabona ukuthi ibhemile. “Bafana bami ngiyabuza ”esho edonsa isagila sakhe emvakwesivalo evimba ngasemnyango. “Yabonake Xulu ngifuna ubatshele ukuthi wena utholeni. ”Athi mayesho njalo uBiyela avele asukume uXulu eye ngasemsamo. Basukuma nalaba oMthwalo bonke bame ngezinyawo endlini. UBiyela usevele wawuvala uMnyango “awu baba inkosi yasijezisa nje ”kusho uBheki “wena mfana awukajezi mangingakazibambeli mina nyawo zedada ”awu wasuka umsindo esibophela entanyeni kuBheki athi uzama ukuphuma uMthwalo asifake eqolo isagila aze ayowa phansi uMthwalo. Abone ibhemile engene phansi kombhede kaBiyela UXulu abone ukuthi uzoyithola induku. Asho phansi kombhede awu zidumelane uBheki no Biyela. UBheki uselekelelwa uMhlomgo bamubambe uBiyela baze bayoshaya esivalweni. Baphume naso. siwe phansi isivalo. “ntamo yedada ucabanga ukuthi nguyihlo mina ogugile ”likhale iqupha ebusweni kuMhlongo abone ibhemile avele adonse uBiyela ngomlenze. Amhudule ehla naye “yeyi wemfana ngithi ngizokulimaza ”awu uBheki athole ithuba lokubaleka. Abone uMhlongo ukuthi usephunyulile uBheki babaleke abahubhe uBiyela. Awu noXulu beno Mthwalo bathole intuba baphume phansi kombhede ziye ngejubane. Athi eyodlula ngasesibayeni sezimbuzi uXulu azwe “nawe makhaledada uhlangene nalaba bantu ”esho emdokloza ngegabadi eqolo. Ahambe uXulu ngejubane. UBiyela abakhombe sebesezansi “ngizoninyisa mina futhi lembuzi yenu ngiyayidla kumanje khona senginibhonyile ”esho eyidonsa ngentambo enyuka nayo eya ngasendlini yakhe. Awu bahambe oMthwalo noXulu. “Eyi madoda bengazi ukuthi lomuntu uzoshaya mina ngingedwa kuncono masibaningi ”beqhubeka behamba noMthwalo nabo bekhalaza “eyi cishe wasibulala umuntu ngenduku ”bahamba bayaxoxa. UXulu uhamba uyaxoxa usebatshela nokuthi lendoda kade imuqalile yena nayizolo ebusuku ibimushaya kuze kwasa imphethe ngesagila “awu baba bekwenzenjani ”kubuza uBheki. “Yeyi wamadoda kunzima leyangane ikhonjwe inkosi ukuthi iyoba uNdlunkulu kodwa ebusuku yeqile yafonela uyise sayilanda sihlangane nayo ilibashula ngezinyawo ibuya ”kuchaza uXulu eseze wajuluka. “Awu yeyi madoda niyabonake ukukhohlakala lenkosi isifuna lentombi yikho yathi singaphinde sibonakale ngakubo wentombi awu mangifika ekhaya ngizofonela umfethu ngimazise ”ebabaza engaqedi uBheki. “Xulu wena wibona iyinhle lento eyenzekayo ”kubuza uMthwalo eNduneni uXulu. UXulu “cha phela madoda inkosi ayiphikiswa sidalo nina bekezelani nje umfoweni angaphinde ngampela azibandakanye nalentombi ngoba sekungeyaseNdlunkulu ”esho uXulu ebamba indlela ehlukayo ebheke kubo wakhe. Ayi no Mthwalo bahambe bemangele. Nezinhlungu zimi ngenhla ubanyisile uBiyela ngenduku. Asibambe lapha mngani
Posted on: Tue, 27 Jan 2015 18:28:21 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015