Umbhali:Lungile Wandisa Mkhize - TopicsExpress



          

Umbhali:Lungile Wandisa Mkhize isihloko:isandulela ngculazi part2 Wafika uThobie erenk yase Maritzburg wakhala phakathi wahlala iskhashana yagcwala yathubeleza ngempela ke manje yadlula koBlackwood yathatha amadilayi abheke ko Thornville wayshaya udilayiva lapha endleleni kudlala ingoma ka Vuyo Mokeona ethi Ngobekezela Jesu Ngobekezela ihamba nje i tekisi uThobi ucula ngaphakathi akuphelanga mzuzu emingaki yafika ko Mphithi wehla ku Timber wama iskhashana elinde umngani wakhe azohlala naye.umngani ka Thobile u Lindi yena uyasebenza waqeda umatikiletsheni wahamba wayofuna amatoho ngenhlanhla walithola e Honchos.uzihlalela yedwa uziphethe okuth akakwenze uyakwenza akasayi nasekhaya eyokubaposela imali akayingeni leyo akabacangi ngisho naka ncane uma evuke wayosebenza wahola wathenga ukudla notshwala uqedile.Nokho uThobile kazi uzohlala yin no Lindi ay!kuyozwakala.Ngapha unina uhlezi nezingane zakhe oSandile no Sakhile ohlakaniphe ngendlela exakile awukho umsebenzi akangakwazi ukuwenza wabantu besifazabe usefunde ukwenza konke noba phela unina akakwazi ukuhamba kahle uhamba ngezinduku.uSakhile sekuwuye unkosikazi walapha ekhaya uthi ephuma esikoleni awashe athi angaqeda angene andlini okungesiyo nendlu enkulu akorobhe lawomagxatshana kamata ageze izitsha aqonde emfuleni abuye abase abeke amabhodwe emlilweni uphila leyompilo njalo isinkwa sakhe semihla ngemihla kodwa akakhohlwa izincwadi zakhe ufunda ngempela. Nangoke eqhamuka uLondie phela akasebenzi namuhla nayizolo ubengasebenzi uqhamuka nje kade emile uThobi elinde umngani wakhe wafika babangelelana wathatha izikhwama bahamba belibangise endlini bafika wavula umnyango uLondi maye ngalibona iGomora kunje la. Iyaqhubeka
Posted on: Mon, 29 Sep 2014 07:27:17 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015