Kwesukasukela! Kwakukhona umfana owayeyisilima. - TopicsExpress



          

Kwesukasukela! Kwakukhona umfana owayeyisilima. Lomfana wayengenabazali wakhula kanzima. Abantu babengamthandi lomfana futhi wayengenabo abangane. Wayesebenza ukulusa izinkomo emzini yabantu. Abantu babeshaya sengathi bayamthanda uma kukhona ekufanele abenzele kona njengakho ukwelusa, ukusenga kanye nokulima. Kwakuthi noma kukhona okonakele endaweni kuthiwe nguye umfana owonile. Wakhula ke umfana ngaphansi kwalezimo ezinzima. Kwakunzima noma umfana esethi uzama ukweshela ngoba zazingamfuni izintombi zimdelele. Waze wadela ukuthi uyoze abe nonkosikazi. Isikhathi esiningi wayesezihlalela yedwa. Kwathi langa limbe esazihambela ehlane wazithela phezu kwesalukazi esasigugile kakhulu. Lesalukazi sasisimbi kakhulu. Sambiza isalukazi sathi “mfana wami ngicela ukuthi ungikhothe izimbici.” Nangempela umfana wasikhotha izimbici isalukazi. Kwathi eseqedile ugogo wathi, “Ngiyabonga mfana wami.” Saqhubeka isalukazi sathi, “Ngicela uye kuleyantaba.” Sisho sikhomba “uyongilandela impande yomuthi othile, ungakunaki okunye ozokufica .” Aqale umfana athi uyahamba wezwakala ugogo esembiza futhi, “mfana wami, uzwile ngithe unganaki okunye kodwa uthathe impande yodwa. Hamba-ke.” Athi angasuka umfana aphinde amemeze ugogo futhi,” Mfana wami, ngithe wenzenjani?” Aphendule umfana, “uthe ngithathe impande yodwa” sithe isalukazi sesimbiza okwesine umfana wavele wakha ngejubane nalentaba yayikude kodwa wagijima waze wafika kuyona intaba. Wafika phambi kwentaba, yavuleka intaba, wangena umfana ngaphakathi kukhona izitsha ezazigcwele imali. Umfana wazama ukubathatha noma ukubaphakamisa kodwa wangakwazi ngenxa yesisindo. Adlulele phambili abone ahlangane nobucwebe begolide waqhubeka waze wafika kwenye indawo enezitsha ezinhle. Umfana amangale kodwa abuye akhumbule ukuthi uthunywe impande. Aqhubeke umfana aze angene endaweni enentombazane enhle. Amangale umfana abambezeleke lapho esamangaliswe intombi enhle. Azame ukuyikhulumisa futhi lentombi, ivume ukukhuluma naye ingamdeleli. Ajabule phela yena akakaze athandwe, ahlonishwe, wadumela intombi washiya impande ayeyithunyiwe. Wafika lapho ayengene ngakhona kwavuleka futhi waphuma nayo intombi umfana. Wathi angaphumela ngaphandle umfana yanyamalala intombazane. Wathi esamangele nomnyango wentaba wavaleka. Wathi eqalaza ukuthi intombazane ishone kuphi wangayiboni. Umfana wakhumbula iziyalo zesalukazi ebesilokhu simtshela ukuthi anganaki ezinye izinto kodwa athathe impande. Wazama umfana ukubuyela emuva nokuvula umnyango kodwa lutho. Wakhala kakhulu umfana kodwa kwakungekho muntu ozomsizo. Wathi noma esebuyela lapho ayehlala khona abantu babemhleka ngoba bebona ubuwula bakhe ngoba bebazi ukuthi yena uzonotha yena wathathwa ubuhle bentombi. Umfana akaphindanga wasibona isalukazi leso futhi nentaba leyo iyesabeka akekho umuntu okwazi ukusondela kuyo. Umfana wayephiwa ifa yisalukazi leso kodwa ngenxa yokungalaleli imiyalelo yabadala wahlupheka waze wafa. Cosu, cosu iyaphela! Isifundo esitholakala kulendaba ukuthi umuntu akabolalela imiyalelo yabantu abantu.
Posted on: Thu, 31 Jul 2014 18:39:08 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015