IMPI NOKUPHUMA EKUPHAKAMENI IMPI NOKUPHUMA EKUPHAKAMENI - TopicsExpress



          

IMPI NOKUPHUMA EKUPHAKAMENI IMPI NOKUPHUMA EKUPHAKAMENI OKUDALA Okokuqala kumele amaNazaretha aqonde lokhu: Umuntu ongayihambi imihlangano nofika ezovala inhlangano ziyameqa; futhi bayavama ukubutha amawongowongo bakhohliseka kalula. NaseKuphakameni abantu bangena kulesigibe sokuzwa amanga oKeneth noMhlabunzima inkosi yaseMaqongqo ngoba babengakuvamisi ukuba la inkosi ikhona. Yekanike ukuba ngosicelwini iyani emihlanganweni nizazi nazi okushiwo inkosi nengakushongo ekuthandayo ngengakuthandi ukuze ningadukiswa nibe ngofakazi benikwaziyo nenakubonayo. Khuthalanike ningagijimi kodwa. Kuthe inkosi ILanga befuna ukuyibhunqisa ngomlilo kuyiSabatha kuJuly ngama 60s phakathi nawo ngento ababeyifake embhobheni (microphone) kwaqhuma izinjini kwaze kwaqhuma nenjini yase Vulindlela ebhusha kuLanga sase sibheja isilwane sabomvu sathi noma lingafiphala iLanga namuhla kodwa akakho oyohlala kulesihlalo engaveli ezulwini. Lesi sihlalo esikaShembe. Kuso kuyohlala uShembe ngunaphakade. Wayesezibamba ephambanisa izingalo kuye esifubeni wathi ngithi lesi esikaNkulunkulu wayeseqhela esibuka buqamama,,, beka isthuphake... Ngo July ka 77 sasisekhona ekhaya elikhulu sawufaka uMdedele sathi sisaqhinqile ezansi sisabuthana kuNkosibuka kwaba abamemezanga abamemezayo besiguqisa sithandaza. Kwathi ukuba sisukume sabona insizwa kaBaba yembethe okubomvu iminequlu lamadoda seza sikhuphuka siya eThempelini elikhulu eParadise. Aqhuma amatshe bayasijikijela imvula yayiza iqathake phambi kwethu iqathake njengagwava. Hawu sesiyashawa ai sedlule singene!! Siyaphuma bayaqubula bathi Waqala izitha bayagiya bayaqhwisha kubenjeya. Sithe sibona sekusontwa kaningi ngokwehlukani umuzi umunye. Hhaike siwenze uJuly. Kuthi uphakathi kubonakale ukuthi sibi isimo umkhosi wase Genyeza uyanda nolaka lwawo. Kuthe ngelinye lamaSabatha yangena inkosi yezulu yangena ifake ingubo eimpangele abadala bayayazi leyongubo iqhibulele isambulela. UNgema uWilli uMvangeli wayevama ukuyibongela, ngaleliSabatha akabongelanga kwasho uZungu ngengila emiphandle nequlu lezikhali washo kwasuka usinga kunoma ubani bemi izishomo oNjinji nokho kwasixaka lokho phakathi koMa bakhona ababekhala ngokuthi uBaba akasaveli sikhulume simazise izwi lenkosi. Kungani ngoba uBaba inkosi ekhotheme yathi uyosibheka asiphathe ngokoMoya noma silambile wathi singadedi kuye abanye bedinwa becabanga izinto zasemhlabeni kuphela. UNgema wagqiza okwentombi waze walugugube ejabulela ukungena nenkosi entsha eParadesi. KuloJuly sahlala kalukhuni kubuzwana ukuthi uhamba nekhehla noma nensizwa na? Sasivama ukuthi noBaba. Babuze ukuthi njengoba selizozifela nje niyaphi kulo? Sasphendula sithi uma uJehovah esinika lona kulungile liyofela thina nensizwa ayiyukumela othini. Kwakuba kubi masiphendula kanje. Kwaqala ukungahoshelani nokuphikisana okuningi. Wasukuma uBaba wafunda incwadi kaDanyeli (Mene mene tekel ufarsin) wahlabelela nengoma ka126. Wabe esededela inkosi yamaQadi bangena baqonda kuyo bathi siyakucela nkosi yamaQadi ukuba uphume sifuna ukukhuluma nawe. Yabuza yathi njengoba sengiphethe inkonzo ngiyishiye na? Bathi bona uyinikwe ubani? Athi uBaba nangu eshlalweni. Bathi bona asinamuntu isihlalo senkosi okukhomba ukuthi kakho ongalawula ngezinkonzo la. Bamile njalo phezu kukaBaba nelati abanye balunguze ngomnyango wezintombi savokomala nathi endlini yesonto manje masithi siyalacuka uBaba akhombe phansi kuthi nya baphume neQadi liye kubo balihile ngamazwi. Kwaphoqa ukuthi inkonzo iyavalwa. Kuthi ngesithuba sokulawula imigidi athi uBaba ngaphambi kokuhlakazeka: Ngicela ofuna ukuhamba nami athule senze umsebenzi wenkosi. Ofuna undodana naye akabe njalo uNkulunkulu akabibikho phakathi kwabantu abalwayo. Wabe esegcoba abakhokheli nabashumayeli oNdlunkulu uMaGwabhaza oMaNgubane wakwa Ngidi nabanye bagcotshwa ngalelolanga kanti bazovala iParadise. Inkosi usuvaliwe uJuly yaphuma nezitsha yaze yayongena Emthandeni yabuya ngoSeptember ize ekhaya elikhulu. Kwathi kulowonyaka amakhosazana enza umhlangano wokuqoqa izimpahla zikaNkosazana omkhulu uLina Mtungwa. Kanjalo nemiqulu yezintombi bakumukisa eNkosini. Ithi ke iNkosi emkhosini waseThemba (Ntabayepheza) Nibone ngani ukuthi uJuly wethu wokugcina sikulomuzi na? NgoJuly ozayo mhlawumbe siyobe siseJudea noma Ejeleza? Kwaba sahlaya nje kodwa kushubile. Uma eqeda lamazwi wathula du ebuka nxa zonke kwaze kwakhuluma uEselina umabhalane benoMadludla uLina bathi sibona sengathi sekuyinkathi sembedumehlwana (igama lempi eyaprophetwe uMqali wendlela). Ekuphenduleni kwakhe wathi thandazani umlingi usondele ufuna ukuchitha igazi labayiNgcwele beNkosi. Waswaca wabuka kwaMawula kanti okukhulu okuzayo. Ehhe njengoba kwakuyinhlangano yezintombi nje kwasekuvunguza umoya wokuthi kunencwadi eyayishiywe yinkosi kuGalane benoShalisi. Lencwadi imvunge yayithi iku Gumede uKheneta. Nebala zaqhubeka izinsuku uBaba inkosi iNyangayezulu waya eJudea Khaya wayezodlula kwaDedangendlale aqede inhlangano yezintombi angene eJudia Khaya eseyokwenza uOctober. Nebala sasigcwele Ekuphakameni Khaya sathi siqeda ukumphelekezela sabizwa uMhlabunzima Maphumulo inkosi yaseMaqongqo kwaSwayimane wathi bonke abantu bayacelwa esgcawini samakhosazana. Saya emva kwenkonzo kaNine. Wafika umshumayeli uDladla nenkosi yeQadi bama esangweni elincane lasestolo babuka ngaphesheya kwaMa omkhulu uMandlovu. Kwase kuqhamuka imoti enguVailent oluhlaza kwehla uKheneth kwehla umlungu okwakungesiye uGalane (Galant) thina esase singamaphoyisa sehla sagudla ikamu sinoSimelani lo obesekuBaba ngaphakathi noMakhasi oMdloti esewumshumayeli. Wathi umnewabo kaGadamane uMphathesitha: Niwela nje niphetheni? Salandula sangena ngesango elincane esigcawini leli elingenhla kweGenyezini 22 09 1977 kungu Lwesine. Safika sekuminyene uMaphumulo ethulisa abantu ethi ubethulela izwi lenkosi ngomlomo wommeli. Sathi akuthule yena oMcanyana abase bewumbimbi lomfana kaBaba babeshaya izinqe bethi klibhi thulani nina. Wedade sifuna ukuzwa thina wanyukubala uMadondo umakhasi. Bathule kuqhamue inkosi yase Mlwandle isikhala ikhicileka bethuke abantu kanti selifikile iQadi kuhlangane amahlo kulamakhosi. Abingelelelane ngeminwe engeneme ebese uMhlabunzima ephakamisa izandla njengonezwi. Imngene emlonyeni inkosi yamaQadi ithi njengoba ngisuka Ondini ngizwa kuthiwa kukhona inkosi ezobekwa. Iyiphi leyonkosi? Okwesibili eyesingaki ngoba uBaba usekhona uhleli? Okwesithathu kwedlulwe kubani njengoba kungamenywe muntu nje? Enjani le ebekwa amakholwa onke engekho engazi nenkosi ebusayo ingekho ihambile? Niyabona yini ukuthi niqhatha abantu baka Nkulunkulu nixova isonto na? Labuka umfowabo lo waseMlwandle lathi ngithi kanjalo ke angibuze kumfwethu lona uNgonyama ukuthi inkosi yathini mhla sehla entabeni kithi ngenhlangano yamhla siyobona lakwakulala khona uGagane? Ayishongo yini ukuthi siyisifuna sayo thina makhosi? Ayishongo yini ukuthi uBaba iNyangayezulu usezicathulweni zayo? Wathi methi uMzimela uLindelihle inkosi uthi kuyolunga Baba wathi kuyolunga wavuma nawe mfwethu wathi isishilo inkosi saphuma sivumile. Ingabe inkosi le ekhotheme ukhona yini omunye umhlangano eyawubiza la emaQadini engingawazanga engingayanga kuwo? Pho kusukaphi lokhu? Lasuka iQadi lahamba lalingisa mhla bethi aliyeke inkonzo uBaba eselinikile balikhipha lisontisa endlini yesonto. Asedlule lapho. Thina esasigudle iGenyezini sathi sisuka sathi hamba mlungu badlala ngawe laba Wasondela uKenneth samxosha sathi kaphinde emuva abuye nohulumeni lo athi uthunywe uye. Nebala behla beza ngase ndlini yabelungu sabaphelezela bahamba kodwa lathi lishona zase zilele izidumbu zalabo okwakuthiwa bakhuluma kakhulu uMkhosana wenkosi uSwayimane kayiPhuku. UThophiya safakana naye umlomo ngalento eyaseyenzakele wathi yena kumele ibuzwe. Sahamba. Kuthe sisayomaya emadokodweni athi asihambe siyovalelisa kuqala ngoba hleze singabuyi kuDududu ngale. Ethi nibonile kufe ezincane izingane lezi ebezibuza ngeqiniso lencwadi egcoba inkosi ikhona enye. Ehhe wafika mshumayeli ubhuti wama emnyango wathi sisi sesiyobonana kwelizayo inkosi mayiyovuma ningadedi eNyangeni yezulu mina ngizolala kobandayo namhlanje kodwa siyobe siqinile isihlalo sayo makufa thina abakwaNgcobo ngoba sanikwa izwi nomyalo kulokhu kuhamba. Ningibhekele omama nezingane zami. Waphuma umdudla iinono lika baba lathi qekelele asazi kwenzekani sezwa ngoMaNcama esesibiza ethi webantu basebukhosini akenenyukele emgwaqeni nibuke. Saphuma wehla wayolanda oMaMfeka samfica ubhuti esedindilizile sebembulele oZungu. Kwaba muncu bafana lokho ngoba uNdawonde wayesanda kukholwa kusukela lapho uDladla omadlakadlana uschithamabhojwana amaphekula asale ewabutha ayidle impepho isinenhlabathi wasibiza wathi: Nhlalisuthi kuyisono ukuba yigwala. Waskhumbuza amazwi eHhuka athi Nhlalisuthi idimoni liyashawa maselichachaza. Wathi asiqale siqamekele izitha. Nebala lapho ayesibeka khona kwakuba njalo sasiwezwa amaqili ebhunga inkohliso. Saqala sabe sisalala kwaqala kwavuka imibuzo yokuthi ulandela ikhehla noma insizwa? OweKHEHLA wayebanjwa ashumpulwe ngisho emakhaya sasizingelwa kube njeya. Kwathi ngeSabatha 24 lagqabuka igoda nakumakhosikazi aphuma lawo ayelandela uNkosana kaBaba aqhinqa ngaphandle kweParadeis sasala nomkethu nathi nabantwana. Ngenhlanhla umkhosi waseThemba wawusuhambile. Wafika uKeneta beno Zungu no Galane wazidela uDladla ngomndondo wokugcina wabaxosha. Kwadilika uKhuzwayo nangu umkhwenyana waseMzimpisi induna wathi niyakholwa MaNazaretha. Musani ukulwa nokuxova isonto manje ngiyisikhonzi seQadi ukuba lomkhosi okhandwayo uyekwe. Wasithuka uMhlabunzima wathi nathi singamakhosi siyazi nathi nidakiwe! Lashona abaningi sebeyibophile imithwalo sebeya emakubo abanye bafa bephila ababuyanga bayembatha ingubo emhlophe. Ngakusasa yaqhamuka insizwa yeHhuka uPhasha ecabekise okukamakoti ebeke isembatho seZayoni emahlombe eza neviyo lamadoda ayekhona kwaBhekuzulu evikela uQambeshilo. Kwathi ma amaQadi ebahlangabeza beqeda kuguqa kwaMdedele wathi umfoka Chili cha maQadi ayikhumuke sibuyele Emzimpisi. Kulapho esaphuma khona ngesikhathi unkosana ethumela uGumede lo owayenile eveva kakhulu owathi efika wathi phumani inkosi ifuna ukungena. Maningaphumi kukhona okuzonethusa. Sathi sibuka emnyango sabona isililo oMa beza. Kwavuka umunyu saphuma ngoba sasingeke siguqe nengane kaBaba eyabenza ubudimoni sibuka yembatha izingubo zika Baba ekhona qede isihleke. Ingane okwakuthi ma isiphuzile itshekule ngokuthi ingunkulunkulu yona! Qede iyogibela ingane kaCebekhulu ngengqindi phakathi komuzi! Qha sasingeke thina uBaba wayengahlebi esho ukuthi akekho umholi okhalo lwakhe. Wayesevelephi? Qhabo saphuma saya ngaphandle kwayithi esiya eGenyezini kwaba kanye salinda inkosi ukuze ibuye eJudia Khaya. Sahlala kanzima sekukubi yayike ibambane kuthule umoya. Belehlukanisa ibandla bethi: Olandela ikhehla ngapha avele ovelayo bamgwaze eskhundleni sokuthi kube ilowo ngendlela yakhe balwela ukusiqeda ngokhonto nesbhamu. Amagazi ethu bewabutha bewafaka Emgodini nakwaMakamelo. Sasimbikela uBaba sigibela siyosho isimo athi yena kithi ningalwi fanani noStefani. Bhekani ukuthi uJehovah wokuthula uzoyilwa kanjani. Ningambangi uShembe kuphela mthandeni. Olwayo ngiyomphika phambi kukaBaba nezingilosi noBaba akayikumyeka. Inkosi yakwaBiyela Obuka inkosi uNkanyiso yabe seyihlele ukuhlela amabutho iwathumele eMaQadini nenkosi uSizwe Nzuza. Yenqaba inkosi iNyangayezulu kanjalo nenkosi uShangase noWosiyane neyase Nkumbanyuswa ayesehlele kanjalo ukuthi akushawe abantu bakankosana. Kodwa inkosi INyangayezulu yenqaba yathi makhosi nginempi eyanele ngeke kuphele nesekhendi bekhona uma ngingase ngiyidedele. Yekani kuphinde umasumpa. Ngalesisikhathi unkosi uShangase wayesafundisa ewuthisha omkhulu umfoka Zikhulu wathi angizwa nkosi wathi uBaba mtsheleni Mvuyana bathula uthi ke samnqoba lomfana nakwelizayo uzosala egengeni esizeni. UKuphakama yimi kukimi ngikuthwele ngiyokwehlisa mhla ngifika lapho inkosi yamisa khona imikhawulo yakho. Lokhu enikubonayo uShembe wayesekhathele esesindwe kakhulu samethula sakubeka inxenye inxenye sayimisa emkhathini sinenkosi. Namhlanje nizokubona lokho iminyaka eyiskhombisa ingakapheli ukusuka manje. Wasukuma wama siseMbusweni bagiya oNgcobo noMhlongo, noGcaleka amaphoyisa ayesebekwe uDladla bahleka bodwa oKhathi lo osese Genyezini manje. Sabuya siqumbile kade siphambi kuka Phungelihle esisuthisa ngomoya wakhe omuhle. Safika sithukuthele sihlela ukuqeda nya ngalabaya bantu esathi sivela nje kuye ekuseni wathi hawu baze bahlubuka abantu. Sawa sakhala wasithulisa sambikela ngasebewile bafa wathi uzwile wafika wabona kodwa singakhali walawula ngabo ukuthi bangcwatshwe bodwa esizeni sokuqala sikaBabamkhulu kuNkosibuka kwaBhekabezayo. Kwathi ngo December 26 1977 sekusukwa eskhumbuzweni senkosi iLanga kade unkosana ethumele izigebengu zakhe ukuba zidungule abantu ebusuku uBaba ezobuya ngakusasa ezongena Ekuphakameni sezwa ukuthi izikhulu zenhlangano ethile yepolitiki zifikile zilethe izibhamu nabantu abaqeqeshiwe eJalimane bathengiwe ukuzobulala iNyangayezulu okwakuyiqembu lakhe uNkosana kaBaba lo abametha ngokuthi uphasha. Unkosana kaBaba uNkanyezi, wafika nalezizindaba wasihlebela seligqabukile igoda vele ngoSeptember kusambuluzwa nje ngokuhamba umuzi wonke. Wathi uzwe oMa abathile behalalisa ukuthi ngangcono ukube usefile Ontuthwane obangisa umtanabo. Sanikela sakhethana sizinsizwa nabagcotshwa benkosi saya kwaZulu esafika izinsizwa zakhona zihlome zesabeka zithi uBaba akasayi eSlungwini akahlale eJudiah oMa abanye esasinabo ababeyilandela inkosi enhle basincenga ngezinyembezi bethi okungcono akubekhona amaphoyisa uma sekuyiwa Ekuphakameni ngaphakathi HAAAAAA! heeeee kanti asibuzanga elangeni uyazi unoqandela ngokwakhe! UMgqugquma onjenge bhubesi !u isagila somtsintsi esishaye izikhova ezimbili uKeneth noGloria intombi yaseMoatane umkakhe! Sabe sesihlangana siyinhlalisuthi NoMshazi omkhulu owayesehoshoza ngenkani ethi kwamanje uHemfane angalidwengula zigibele izindlavini zifike ziceke uma kukhona ofuna ukubulala iNyangayezulu amakhosi ayesheshe angene emandleni enyama phela Wabavikela ngamakhosi anamandla ngoba umusa wakhe uhlezi phakade Noma sasibabana kwabathile eNdlunkulu kaZulu kodwa abadedanga abaningi abantwana baka Mpande no Mandlakazi bachema neNyangayezulu yize kwaba khona ukudideka eNdlunkulu enkulu. Abegcotshwa nebandla leNhlalisuthi savumelana ngokuthi kubekhona amaphoyisa kahulumeni. Yeza inkosi yathi sengiyahamba mina zayiphoseka emkhumbini izinsizwa ezindala oKhumalo base Judiah zazimemeza zithi Khula Nyangayezulu sofa lawufakhona nemithwalo. UZulu weza usuyibophile ngoba sasizoya entabeni safika sekuhwalele eBhambayi safike sama yasilinda inkosi. Yeza isihamba kancane sabona ukuthi iyangena ngempela sathi siqhamuka kwakumhlophe umgwaqo uKuphakama kunemvunge kuxokozela kubikelana njengoba nizwa izimbongi zisho yayiza nolunge lwezimoto kusho ives sithi Nkosi sikelela uBaba sasingenandaba nalutho olunye sasilwela ukuthi omubi angalicimi ilambu okwakuwukuphela kwalo emalambini ayemiswe uMqaliwendlela inkosi yomusa nothando ke leyo iNyangayezulu. Saqhamuka kulelotshumo emile uDladla ezihlele njengamasosha ezakhe nezinkankosana zazimile ai iNgudlungudlu yakithi yayeqana neNtabayepheza ukujabula okunosizi nezinyembezi ngoba sasingazi ukuthi uzolalaphi uBaba. Liyini ikusasa lobuNazaretha. Yeza yama phakathi nomgwaqo yehlisa iwindi yaqhweba weza uDladla kwakungathi amasosha bemi omtwana uKhelebha noMakhasi noMdletshe zimi kusuka kaMawula kuze kufike eNdlalidlindoda zivungama uNkosi sikelela uBaba. Niyabona uBaba iyona nto eyayisisele iyinhle kodwa elokhu eshilo amakhehla nezalukazi zithi washo uBhombela wathi lenkathi iyofika neZulu elisha zizama ukusikhumbuza nolusiduduza. Nebala wakhuluma noDladla uBaba sathi sibona wayekhipha umkhono womjiva wakhe omhlophe wakhombisa ngama sayini ukuthi iyaqhubeka inhlangano. Sangena ezimotweni salandela abantu baduma ngengcwele bahamba ebusuku bafika ngoNine emaQadini eMbeka emzini wenkosi safica uMkhokheli uNdlunkulu uMangwane sathi siyonamathela kwaKhasimbe ingcwele yayidlumunyu nenhlamba esethuka amaphekula ephequza edunusa ngemuva nangaphambili esho izinhlamba sahamba. Impahla yakhe yonke wayishiya sacabanga ukuthi siyeNgqayizivele. Sedlula sabona sesiwela uMzinyathi sayothi chaphasha ebukhosini bamaQadi sasinda ezibhamwini ze Dwefu (UDF) esasibuthelwe zona unkosana uShembe wepolitiki. Safika inkosi yamaQadi ingekho isoNdini ePhalamente lakudala lakwaZulu. Safika kwanyakaza amaQadi kwanyakaza izintaba zonke asibuzanga lutho salala sathula du. Kwasa sagxumeka sakhela uBaba saqeda phezulu etsheni loGagane khona emzini wenkosi okusala kwabasalayo Ekuphakameni. Kwaba buhlungu izintandane zikaNkulunkulu zahlushwa zixoshwa zinyukunywa unkosana nezigebengu zakhe kodwa babekezela bayibamba iNhlanzini nendawo yonke kaBhekuzulu savezwa isipropheto. Basekhona oBilly Mngomezulu bangakutshela ukhexe sasinabo no Khathi kwa C namzukwana sibizwe emajajini sidlelezelwa oKhubisa noNgobese amaphekula noMcoyi ezazikhuluma zize zishaye izinqe okwezintombi athule nje uBaba abuke. Lapha silanda ngesimo sizama ukubekana esthombeni kulabo abasha nabaphendukayo ukubazisa nezizathu zokuhlala kwanonhlahlala singadlelani nabasenzansi bachitha Ukuphakama balwa noNkulunkulu bajika iqiniso balenza intando yabo babulala ubuNgcwele bacisha isibani sezulu yasiphemba iNyangayezulu. Akuphelele sisika elijikayo siyacaphuna.....
Posted on: Sat, 27 Sep 2014 05:18:35 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015