SIPHILA IMPILO YETHU #2 NDUMISO ZUNGU Uyabonake uma - TopicsExpress



          

SIPHILA IMPILO YETHU #2 NDUMISO ZUNGU Uyabonake uma kukhulunywa ngesilingo kukhulunywa ngento enjena,phela muhle uThembi futhi uyathandeka enjalo nje umile ayikho into ashoda ngawo ukuba inkosi impela uyisibusiso kungaba yilesi semali okukanye eselotto.Mancane kakhulu amadoda angeke aligijimele ithuba lokumbeka embhedeni phela anjalo mamadoda amaningi,kufike kuxake ke uma ubona umuntu wesilisa ebalekela umuntu omuhle kanjena okukanye ehlupha umuntu omuhle onjengoThembi,amadoda ngempela kanti afunani? Lombuzoke uvamisile ukubuzwa ngabantu abaningi kodwa ekugcineni ayikho impendulo yawo.Kanjaloke noMzwandile akekho owaziyo ukuthi ufunani uma ezoshiya umfazi omuhle njengoThembi agijime namantombazane amancane,injaloke impilo kuba nemibuzo eminingi engenazimpendulo futhi ungaze usangane ikhanda uma ufuna izimpendulo zayo.Nanguke noZakhele ngapha uvalelwe yinja endlini uma kunje,abantu besifazaneke banje uma befuna ucansi endodeni basuke belufuna akukhathalekile ukuthi kunobungozi obungakanani bona umzimba wabo nengqondo kusuke kulangazelele leyonto.Aqale angakholwa kahle uZakhe phela iyamthusa nje lento yokuthi umfazi womngaani wakhe agumulele yena hhayi ngeke phela yena umhlonipha kabi uThembi futhi lokhu kwathi nhlo ubelokhu eziqhelanisa naye ngoba akakuboni kulungile ukuthi asondelane nomfazi womngani wakhe kodwa usezithola empintshekile futhi iqhinga lokuphuma la lilodwa.Azame ukusukuma amphushele embhedeni uThembi agibele phezu kwakhe amngene ngolimu baqabulane eside isikhathi lesi,azame ukumkhumula ibhulukwe alibambe uZakhele alenyuse lapho usehefuzela into eyisimanga uThembi.Kubukeka sengathi manje noZakhele imizwa yakhe isiyamthambisa manje ngathi usesizimisele manje ngokulala noThembi ngenhloso asukume naye emubambile amncikise ngesicabha baqabulane sebehefuzela bobabili manje usevele wathamba waphelake manje uThembi. Ucimezile uThembi uyambona nje ukuthi ingqondo yakhe isiguduza ezweni locansi,balokhu beqabulene nje impela bobali bayahefuzela mawala manje.Ethi engazelele lutho uThembi ezwe sekuvuleka isicabha ngemuva kwakhe sivulwa wuZakhele amphushele eceleni aphume asale enkemile uThembi edidekile futhi ukuthi ngempela wenzani uZakhele.Ethi uma ethi nhla phezu kwetafula e dining uZakhele naba okhiye bemonto yakhe abadonse angene emontweni,ngapha uThembi usalindile ukuthi uyabuya uZakhele okungenzeka uyofuna ama condom phela ayikho indoda engayeka ingqayizivele yethuba elinjangaleli,ezwe ngemonto isiduma avele ngewindi ayibuke ize iyosithela,anxaphe agqoke aziphose embhedeni alale abheke phezulu .Ngapha uZakhele uyathatha uyabeka nje ngengqondo phela ayikho into ebizomphunyula kuThembi bekumele azenzise ukuze angamkhiyeli ngoba bekuzophoqa phela ukuthi balale ngoba uma egoloza bekuyoze kufike uMzwandile usizile nje wazithambisa naye ukuze athole ithuba lokuphunyuka kuloyamuntu wesifazane.Iyamdida kodwa impela indlela uThembi abeseyiyo futhi iyamumangaza nje yonke lento lokhu kwathi nhlo uyaqala ukubona umuntu wesifazane enza kanjena uhlale ezwa impela ukuthi abantu besifazane banamuhla bayazibambela kodwa hhayi le uyayiqala impela.Inkinga isekutheni ngeke yini kwenzeke ukuthi uThembi athi kuMzwandile uZakhele ubezama ukulala naye ngenkani ngoba phela naye uThembi njengoba ephume kanje kuye uzosala nemibuzo eminingi futhi uzocabanga ukuthi uzomazisa uMzwandile ngalomhlola wakhe awenzile.Eyi inzima lendaba kuZakhele kodwake ayikho into azoyenza naye ubengeke nhlobo alale nomfazi womngani wakhe ngenhloso okwayizolo uzozithethelela ngokuthi ubedakiwe futhi akazi ke vele noma balalile ngempela okukanye uyamyenga uThembi ukuze balale. Ayibhule imonto ebheke empangeni afice uZandile ehlezi e dining kugcwele izimbali indlu yonke ethi uma engena nje asukume uZandile aqonde kuye amqabule.Ethi esamangazwe yilokho uZakhele agumile uZandile eyi inkingake le uyabona uma kunje kuba nzima ngisho ukukhuluma ngoba uZakhele usazidlelwa wunembeza nje yena futhi yonke lento eyenziwa wuZandile ubengayilindele.Kuba nzima kakhuluke uma isithandwa sakho sizovele senze izinto ezimangazayo okukanye sihambe amamayela amaningi ukuze sibonise uthando kanti wena ngapha izinto aziqondile kahle futhi awethembile ngokuphelele,uZakhele ubengakaze acabange ukuthi uzoke abhekane nalenkinga abhekene nayo manje ubengakaze acabange ukuthi kuzoke kube khona isikhathi lapho azosaba ngisho ukubheka uZandile emehlweni ngenxa yokubulawa wunembeza.Amubambe ngesandla amsondeze amqukule ashone naye ekamerweni uyambona nje uZandile ukuthi usemathandweni ngempela futhi uyabona nje ukuthi uma ebona uZakhele uvele abone izulu uqobo.Afike amphose embhedeni ogcwele izimbali “Zandi wangimangaza nje dali ingabe i anivesary yethu yini sthandwa?” kubuza uZakhele emamatheka “hawu kuyisono yini uma umfazi ejabulisa indoda yakhe ayithandayo nayizwa ngaphakathi?” kubuza uZandile emqaqa uzipho.Agumule zonke izimpahla azilahle laphaya uZakhele agibele phezu kukaZandile bagijimane ngolimi kodwa uZakhele uyezwakali ukuthi umzimba wakhe nengqondo akukho nje kulento abayenzayo avuse ikhanda abheke uZandile athule eside isikhathi lesi. Amangale nje manje noZandile ukuthi kwenzakalani ngoba phela yena into esengqondweni yakhe njenga manje ukujabulisa indoda yakhe. “Zakhe kwenzenjani wangihlahlela amehlo manje” ebuza ngikuxakeka “Zandile kunento okumele ngikutshele yona dali” kukhuluma uZakhe ebamba ikhanda. “Zandile izolo kwenzeke into obukengafanele ukuthi yenzeke” athi ukukhokha umoya kancane “noma ngabe yini eyenzekile Zakhe khululeka ngiyazi ukuthi awusoze wangiphoxa futhi asikho isidingo sokuthi ungichazele ngodaba lwayizolo into engiyijabulelayo nje ukuthi uphephile futhi wenze kahle uMzwandile wakunqabela ukuthi uhambe bengizoba yini nje kodwa uma ungena engozini Zakhe” esho emdonsa emqabula “Zandile ngiyakuthanda ngicela ukwazi lokho” baqabulane mawala bagibelane zidume mawala noZakhe useshayela isipikiri sokugcina ukuze phela kungabibikho into esolisayo kodwake noma yiyiphi indoda izokutshela uma ukade ulele nomunye umuntu wesifazane uma ufika kumfazi akumele ufadalale nje ngoba uzosoleka noZakhe naye yingakho ecindezelela indaba yokuthi. Iyaqhubeka
Posted on: Thu, 25 Sep 2014 18:16:45 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015